isiZulu

Abaduni bahlasele umkhumbi eNigeria

2012-12-24 14:22
Lagos - Abaduni bemikhumbi bahlasele umkhumbi eNigeria base bethumba abasebenzi abane esigamakweni sakamuva kuleliya lizwe elicebe ngowoyela, kusho i-International Maritime Bureau ngoMsombuluko.

"Abaduni bemikhumbi abebehlome beyizingovolo ngezibhamu, bangene emkhumbini bathumba abasebenzi abane," kusho iPiracy Reporting Centre ye-IMB ngalesi sigameko sangeSonto.

Akekho okubikwe ukuthi ulimele kulabo abathunjiwe.

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Sapa - AFP

Ezinye izindaba e- Afrika

«Emuva