Kuyicala elibomvu ukubulala inhlwathi eZimbabwe, kepha akukaze kuboshwe muntu.
Izakhamuzi zakule ndawo ziyaphika ukuthi le nyoka ibulawe kuleya ndawo.
OLUNYE UDABA: Itholakele inhlwathi eyodwa eSandton
UWillis Mushati, onomuzi ngala kutholakale khona lo holokoqo, ucashunwe ethi: “Ngiyikale ubude isifile ngemuva kokuthi ibulawe ngumphakathi.”
Kuthiwa le nyoka igwinye ikati endaweni.
Kunamahlebezi athi osomabhizinisi bagcina lolu hlobo lwezinyoka khona kuzochuma amabhizinisi abo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter