Nokho uhulumeni waseZimbabwe usuxwayise izakhamuzi ukuba zingalihambeli leli lizwe ngenxa yobhedukane i-Ebola, nehlasele entshonalanga ne-Afrika.
Iphephandaba elingaphansi koMbuso eZimbabwe, iChronicle, ibike ngoLwesihlanu icaphuna uNgqongqoshe wezeMpilo uDavid Parirenyatwa ethi abantu bakuleliya lizwe kumele bakhulekele izinhlanhla behleli emakhaya.
Lo ngqongqoshe uthi kuneqeqebana labantu abangu-50 baseZimbabwe abatheleke ezweni bephuma eNigeria ngesonto eledlule, wathi lokhu kungayiphazamisa kakhulu imizamo yokuvikela ukuthi i-Ebola ihaqe izwe.
Umfundisi waseNigeria, u-TB Joshua, kuthiwa akaconsi phansi ebantwini baseZimbabwe.
I-Ebola kumanje isibulale abantu abangaphezu kuka-1 300 eLiberia, Sierra Leone, Guinea naseNigeria.
Azikho izigameko zalesi sifo ebesezibikiwe emazansi ne-Afrika.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter