I-Ebola, okuyigciwane eselibulale izinkulungwane eNtshonalanga ne-Afrika, lisulelana ngoketshezi lomzimba okubalwa igazi, amathe nendle.
Yize ukusuleleka ngaleli gciwane ngokuya ocansini kungakabikwa ngakho, kodwa selike latholakala esidodeni sabasindile.
OLUNYE UDABA: ElaseSierra Leone licela usizo nge-Ebola
"Amadoda asinda kulesi sifo kumele aqaphele ukuthi isidoda sawo singase sibe nalokhu kufa ngakho ayacelwa ukuba azithibe ocansini,” kusho i-WHO esitatimendeni.
Zibalelwa ku-16 000 izigameko ze-Ebola ezibikiwe kanti lo bhedukane usubulale abantu abangu-5 989.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter