Share

Abesifazane bazogodla ucansi ukuzama ukuqeda impi

Bentiu - Isigejane sabantu besifazane eSouth Sudan sebephakamise ukuthi amadoda akuleliya lizwe eselihlukene phakathi ngenxa yezimpi kumele ancishwe ucansi kuze kube avuma ukubeka phansi izikhali.

Lesi siphakamiso siphume ngemuva kokuthi abesifazane abangu-90, okubalwa nabangamalungu ePhalamende, bebe nomhlangano ngesonto eledlule.

Ezinye iziphakamiso zibandakanya ukuthola izindlela zokuhlangana nonkosikazi kaMengameli uSalva Kiir nowembangi yakhe uRiek Machar, ukuze bacelwe ukuba “benze imizamo yokuphoqa abayeni babo ukuthi kuphele le mpi”.

OLUNYE UDABA: Amabhomu abulale 3 S Sudan

Le mpi eqhubekayo phakathi kukahulumeni namavukelambuso isibulale izinkulungwane zabantu kwathi abantu abayizigidi ezimbili bashiya amakhaya abo.

UTobias Atari Okori, weSouth Sudan Peace and Reconciliation Commission, uthe lesi siphakamiso sitshengisa ukuthi abantu bakulangazelele kangakanani ukuphela kwempi ezweni.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
66% - 651 votes
No! It's time to move on ...
34% - 334 votes
Vote
Rand - Dollar
19.01
+0.0%
Rand - Pound
23.78
+0.1%
Rand - Euro
20.41
-0.0%
Rand - Aus dollar
12.45
-0.4%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
931.20
+0.6%
Palladium
990.50
0.0%
Gold
2,341.71
+0.4%
Silver
27.66
+0.8%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
68,437
0.0%
All Share
74,329
0.0%
Resource 10
62,119
0.0%
Industrial 25
102,531
0.0%
Financial 15
15,802
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE