Johannesburg - Abantu besifazane abaqhamuka kwezinye izingxenye zase-Afrika batheleka kuleli ukuzofakelwa kwezitho zomzimba ezifana nalezo zosaziwayo baphesheya.
Abanye bafuna ukuba nezinqe ezifana nezikaKim Kardashian, amabele afana nakaJennifer Lopez nesisu esifana nesikaJessica Alba.
Ukwenziwa kwe-plastic surgery akusekona okosaziwayo baphesheya nezicebi zaseMelika nase-Europe kuphela.
La bantu bakhipha imali engango-R100 000 ukulungisa imizimba yabo.
OLUNYE UDABA: Bakhala ngobuncane bosayizi bamakhondomu
Odokotela bathi sesikhulile isibalo sabantu abafuna ukuhlinzwa kanti iningi labo liqhamuka emazweni afana noTanzania, Zambia, Ghana, Kenya, Nigeria ne-Angola.
Iningi labo lifuna ukufakelwa amabele amakhulu, kulungiswe izisu nokususwa kwamanoni lapho engadingeki khona.
Udokotela osebenzela eSandton uDkt Chetan Patel uthe amakhasimende akhe okuyiwona ajwayele ukulungisa amabele yilawo adabuka koMozambique no-Angola.
Ukususa amanoni nokuqinisa izinqe kuhamba phambili, kubika iTimes Live.
"Ukuma komzimba kuyinto ebaluleke ukudlula ubuhle kubantu base-Afrika," kusho uPatel.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho