Share

Amaphoyisa abophe ozame ukudayisa umkakhe

Lagos – Amaphoyisa aseNigeria abophe ozame ukudayisa unkosikazi wakhe kubalaphi bendabukio ngenhloso yokuqhuba usiko lokuthakatha.

Ngokusho kwamaphoyisa ngoLwesine lona wesilisa bekumele athole owesifazane oyintombi nto kodwa ngenxa yokwehluleka wadayisa ngomkakhe.

“Lona wesilisa uhehe umkakhe ukuthi baye endaweni esahlathi ukuyolanga izinkuni zokubasa nokuthe befika kuleli hlathi bafica izinyanga ezimbili wabe esemdlulisela kuzona ngenani lika800 000 naira (R57 000),” kusho okhulumela amaphoyisa u-Abuh Emmanuel.

OLUNYE UDABA: Babekelwe imithetho emisha abathakathi

Kubikwa ukuthi lo mlisa uqambe amanga kulezi zinyanga ezifihlela ukuthi lona wesifazane ngumkakhe futhi akayona intombi nto.

“Ngesikhathi lezi zinyanga zithola ukuthi lo mlisa uziqambele amanga zibe sezimdedela lona wesifazane zamtshela ukuthi makaye kobikela amaphoyisa.

Bezingeke zikwazi ukumsebenzisa ngoba akaseyona intombi nto ngoba lolu siko ludinga owesifazane ongakaze ahlangane nowesilisa,” kuchaza u-Emmanuel.

Uthe lona wesilisa nababili abebemphelezela bakhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngemuva kokuba unkosikazi evule icala.

“Laba esibabophile bazobhekana necala lokuzimbandakanya nesenzo sobugebengu nokuzama ukubulala,” kusho leli phoyisa.

Izigameko zokuthakatha eNigeria ziyinsakavukela umchilo wesidwaba.



  -
“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

     - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
65% - 460 votes
No! It's time to move on ...
35% - 253 votes
Vote
Rand - Dollar
19.02
+1.0%
Rand - Pound
23.79
+0.7%
Rand - Euro
20.40
+0.8%
Rand - Aus dollar
12.40
+0.7%
Rand - Yen
0.12
+1.2%
Platinum
925.50
+1.5%
Palladium
989.00
-1.6%
Gold
2,332.33
+0.7%
Silver
27.40
+0.9%
Brent Crude
88.02
-0.5%
Top 40
68,437
-0.2%
All Share
74,329
-0.3%
Resource 10
62,119
+2.7%
Industrial 25
102,531
-1.5%
Financial 15
15,802
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE