Share

Angase adedelwe unesi owajova ingane ngone'HIV'

Kampala – INkantolo yase-Uganda inxuse ikhiphe isinqumo sokuthi umhlengikazi owalahlwa yicala lokusulela ingane encano ngesifo sesandulela ngculaza asheshe akhululwe ejele.

Lo mhlengikazi onesifo sengculaza wajova ingane eneminyaka emibili ubudala ngomjovo ayezijove ngawo.

Kubikwa ukuthi lesi sigameko savusa uthuthuva ezweni lase-Uganda njengoba abanye baze balibeka ngembaba ukuthi uRosemary Namubiru oneminyaka engu-64 ubudaka ‘ungunesi ongumbulali’. 

Abanye babemsola ngokuthi lesi senzo wasenza ngamabomu futhi wayekwazi kamhlophe akwenzayo ngesikhathi ejova le ngane.

Nakuba lesi sigameko senzeka kodwa le ngane ayizange itholwe inalesi sifo ngesikhathi ihlolwa.

OLUNYE UDABA: Unesi uthole isigwebo sentambo ngokuhushulisa isisu

NgoLwesihlanu iNkantolo ePhakeme yezobuLungiswa isigodlile isinqumo sokulahla uNamubiru ngaleli cala esathulwa ngoMeyi.

Kule nkantolo kuvele ukuthi uNamubiru usejeze ngokwanele ngesikhathi asesihlalile ejele.

Phambilini lo nesi inkantolo yamgweba iminyaka emithathu ebhadla ejele njengoba esechithe isikhathi esingaphansi konyaka.

Ummeli wakhe uthe bazoqhubeka nokulwa kuze kube uyadedelwa ngokugcwele uNamubiru.

    - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

      - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Election day is approaching, have you made your voting decision?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, I still haven't made up my mind
27% - 2619 votes
Yes, I know where my ‘X is going
73% - 7092 votes
Vote
Rand - Dollar
19.19
+0.0%
Rand - Pound
23.76
-0.2%
Rand - Euro
20.50
-0.2%
Rand - Aus dollar
12.38
-0.0%
Rand - Yen
0.12
+0.0%
Platinum
922.20
-0.9%
Palladium
1,003.50
-1.2%
Gold
2,308.91
-0.8%
Silver
26.94
-0.9%
Brent-ruolie
87.00
-0.3%
Top 40
68,032
+0.8%
All Share
74,029
+0.7%
Resource 10
59,497
-2.4%
Industrial 25
102,976
+1.9%
Financial 15
15,862
+1.6%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE