Addis Ababa – Ngesonto elizayo i-African Union (AU) ingase ijube amasosha ukuba ayolwisana nezihonga zeBoko Haram, kusho izikhulu ngoLwesibili.
INigeria, Cameroon, Niger, Chad neBenin bavumelene
besenhlokodolobha yaseMiger, iNiamey, ukuthi i-AU ifune usizo kwi-UN emizameni
yokulwa neBoko Haram, elwela ukuba nesifunda sayo enyakatho yezwe laseNigeria.
Funda nalolu daba: Kubabhedele abebehabele umshado wezitabane.
Amaphekula asengenele nasezweni laseCameroon kanti asabisa ngokushubisa isimo futhi eNiger naseChad.
USmail
Chergui, ongukhomishana womkhandlu wezokuphepha nokudala ukuthula kwi-AU, uthe
udaba lweBoko Haram beluseqhulwini emhlanganweni obuse- Addis Ababa.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.