Harare – Osandakunikwa isicoco sokuba uMiss World Zimbabwe angase alahlekelwe yisicoco sakhe ngenxa yodaba lwezithombe ‘zakhe’ ezinqunu, kusho okhulumela lo zime ngoLwesibili.
Umeluleki ngezezimali u-Emily Kachote, 25, ubesematheni ngesikhathi ethola isicoco sokuba uMiss World Zimbabwe ngeledlule ngenxa yokuthi iningi labantu baseZimbabwe babona singamfanele lesi sicoco njengoba bethi mumbi.
Funda nalolu daba: "IKenya ngeke izamukele izitabane"
Izithombe ezinqunu okuthiwa ngezakhe lo zime futhi wazithatha edakiwe zisabalale ngempelasonto enkundleni yezokuxhumana uWhatsapp.
Kuthiwa lezi zithombe zathwetshulwa yilowo owayeyisoka lakhe – futhi uKachote ukuqinisekisile ukuthi ngezakhe.
Abahleli beMiss World Zimbabwe abeneme nakancane ngalokhu, ngemuva kokuba nalowo owanqoba lesi sicoco ngonyaka ophelile, uThabiso Phiri, kwadingeka asishiye lesi sicoco ngemuva kwezinsolo ezifanayo.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.