Cape Town – Angase anqatshelwe ukungena eBotswana umholi weqembu i-EFF uJulius Malema kulandela ukuthi ‘wavalwa’ ukuhambela leli lizwe.
Ngokubika kwe-Cape Argus uMalema bekulindeleke ukuthi ahambele umcimbi wenhlangano ephikisayo i-Umbrella for Democratic Change (UDC) ngenyanga ezayo.
Okhulumela le nhlangano uRasina Rasina uthe izingxoxo mayelana nokumema lo mholi we-EFF zifinyelele kwangqingetshe.
“Konke sekusezandleni zikaNgqongqoshe wezangaPhandle.
"Sekukubona ukuthi bayamvumela yini ukuthi angene eBotswana noma cha,” kusho uRasina.
URasina uthe ukuvalwa kukaMalema kuleli kwaqhamuka ngemuva kwenkulumo yakhe ayenza ngo-2011 esengumholi we-ANC Youth League.
Kuthiwa uMalema waphakamisa ukuthi kube noguquko kuhulumeni waseBotswana waphinde waveza ukuthi njengeYouth League bazokwakha ithimba elizosebenza ukuketula uhumeni obusayio oholwa ngu-Ian Khama.
URasina uthe uzodumala kakhulu uma izwe lakhe ligcina lingamvumelanga uMalema ukutha aze kulona.
Kuthiwa uMalema usefakile isicelo se-visa sokuhambela eBotswana.
UMnyango wezangaPhandle kuleli uzihlangulile kulo daba kanti uMalema ugcine engaphawulanga ngalo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho