Cape Town – Ngemuva konyaka izwe laseZimbabwe libambe ukhetho lukazwelonke, izinkulungwane zabantu zisahlala ngaphansi kwezimo ezingezinhle njengoba izinga labantu abangasebenzi likhula.
Lokho kwenzeka nakuba uMengameli uRobert Mugabe neqembu lakhe iZanu-PF ngesikhathi kukhankaswa bathi uhulumeni uzokwakha imisebenzi engaphezulu kwezigidi ezimbili.
UMugabe, oselibuse elaseZimbabwe selokhu lathola ukuzimela ngo-1980, kanti wanqoba ukhetho lwangoJulayi 31 ngamalengiso, ngaleyo ndlela wazilulela isikhathi sokuphatha.
Imbangi yakhe enkulu, uMorgan Tsvangarai akayivumanga induku, wathi ukhetho lubenokukhwabanisa.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.