Abuja - Uhulumeni waseNigeria uqinisekile ukuthi usukwazile ukuhlenga amantombazane angaphezu kuka-200 athunjwa amaphekula eqembu iBoko Haram, ngenyanga ka-Ephreli.
Isikhulu esiphezulu kuhulumeni siqinisekise ukuthi amantombazane azobuyiswa ngoLwesibili, sitshela abezindaba zeReuters.
"Ngingaqinisekisa ukuthi uhulumeni usenze konke ukuzama ukuhlangabezana nezimfuno zabathumbi bezingane, zingase zibuyiswe gnoLwesibili," kusho isikhulu.
Funda nalolu daba: Alindwe ngabomvu amantombazane eNigeria
Isikhulu emasosheni uChief Marshal Alex Badeh, ukhulume ngoLwesihlanu wathi izikhulu zifinyelele esivumelwaneni nabathumbi beBoko Haram, wathi impi izoma bese kudedelwa amantombazane athunjwa elungiselela ukubhala ukuhlolwa esikoleni esisedolobheni iChibok.
IBoko Haram, idlulise umlayezo oqoshiwe la kukhulume khona loyo ekukholakala ukuthi uyinhloko yeqembu u-Abubakar Shekau, esho ukuthi bavumelane ngokubeka phansi izikhali.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.