Cairo – Azovela enkantolo amadoda angu-26 aseGibhithe asolwa ngokuhlela
umcimbi wokuzithokozisa ngocansi lwezitabane endaweni yomphakathi ngokusho
kwezikhulu zomthetho.
Kubikwa ukuthi la madoda aboshwa ngomhlaka 7 kuDisemba
endaweni yase-Azbakeya maphakathi
neCairo azovela enkantolo ngeSonto.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe amadoda angu-26 ngobutabane eGibhithe
Ngokombiko umnikazi wale ndawo yokuzithokozisa
naye ungomunye wababoshiwe ngalesi sigameko esithathwa njengamanyala kuleli
lizwe.
Umthetho waseGibhithe awuphikisani nempilo yobutabane kodwa izitabane
zihlezi ziboshwa bese zithweswa amacala okungaziphathi kahle emphakathini.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho