Abantu abaku-95% kwabafudukile, bangabesifazane nezingane kanti abesilisa bathathwa ngenkani benziwe amasosha noma babulawe, kusho i-UN.
Kusukela kwaqala impi ngenyanga kaDisemba, ngosuku kutheleka abantu abasukela ku-800, bengena eTopiya sekunzima, kusho uMelissa Fleming we-UN.
"Uma laba bengalutholi usizo ngokushesha, bangafa nokufa. Isimo sabo asinambitheki," kuqhuba uFleming ngemuva kokuhambela kule ndawo abatheleka kuyo.
Bangaphezu kuka-95 000 abantu baseSouth Sudanese asebebalekele eTopiya kusukela kwaqala impi ephakathi kwamasosha kaMengameli uSalva Kiir nowabe eyiphini lakhe uRiek Machar.
Abanye abantu abangaba ngu-200 000, babalekele eSudan, Uganda naseKenya.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).