Leli lizwe liye okhethweni ngo-Ephreli 13, okokuqala kusukela amasosha aketula uMbuso.
Ukhetho kuhloswe ngalo ukuguqula isimo sezwe elikhungethwe wudlame kanye nezinkinga zezombusazwe.
"Ukhetho lube nesibalo esikhulu sabantu abavotile, baphakathi kuka-89.29% kuya phezulu," kusho umengameli wekhomishana u-Augusto Mendes etshela izintatheli enhlokodolobha eBissau.
"Okusha nokungajwayelekile okwenzekile kulolu khetho wukungabi khona kwezikhalazo, Konke kuhambe ngokomthetho."
Imiphumela yokugcina ekhishwe ngoLwesithathu ikuqinisekisile ukuthi uJose Mario Vaz unqobe ukhetho, kodwa akalunqobanga ngamalengiso okusho ukuthi kuzoba nomzuliswano wesibili lapho ezobhekana lkhona noNuno Gomes Nabiam okunguyena ophume isibili.
Kuzokhethwa mhlaka-18 Meyi.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.