Nairobi – Kukhulile ukusetshenziswa kwezidakamizwa eKenya kule minyaka embalwa eyedlule ngokusho kosopolitiki nezinhlangano ezingenzi inzuzo ezisebenza ngokulwa nokusetshenziwa kwazo.
Isikhulu senhlangano iKenya National Authority for Campaign against Alcohol and Drug Abuse (NACADA) uJuma Ngao uthe amadolobha akuleli lizwe agudle ulwandle i-Indian Ocean iwona abhekene kakhulu nokusabalala kwezidakamizwa.
Kula madolobha kubalwa iMombasa, iMalindi neLamu.