isiZulu Ama site/IZINHLELO >

Banyamalale kuginqika isikebhe eZanzibar

2012-08-20 16:33
Zanzibar - Abantu ababili basanyamalele ngemuva kokuhlengwa kwabayishumi abahlanganisa nezivakashi abakade besesikebheni eziminze eZanzibar, kusho izikhulu ngoMsombuluko.

Isikebhe esaziwa nge-dhow siminzile ngeSonto ngesikhathi sizama ukuwela sisuka eTanzania siwelele esiqhingini eZanzibar.

"Babili abantu abasanyamalele, ngenhlanhla abayishumi batholakele," kusho u-Abdallah Kombo weZanzibar Maritime Authority.

"Isikebhe sihlangabezane namagagasi anamandla sase siginqika.”

Amaphoyisa athe kuhlengwe iizvakashi ezintathu zaseDutch kanti abalahlekile ngowesilisa nowesifazane baseTanzania.

Balinganiselwa ku-144 abantu abashona ngenyanga eyedlule, ezehlakalweni ezehlukene zezingozi zezikebhe khona eZanzibar.
 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Ad:Funeral Cover from R29/m
«Emuva
Ad:Standard Bank Life Cover