IZimbabwe Lawyers for Human Rights (ZLHR) ithe inkantolo ikhiphe isinqumo sokuthi leli cala lihoxiswe ngoba lishoda ngobufakazi.
Yize le nkantolo yayalela ukuba umthetho i-Anti-insult Law ukhishwe emabhukwini no-2013, uNgqongqoshe wezobuLungiswa u-Emmerson Mnangagwa – osengusekela mengameli manje – wakuphikisa lokho.
OLUNYE UDABA: Uvele enkantolo ‘owathuka’ uMugabe
Omunye wabamangalelwa bekuyisishoshovu seMovement for Democratic Change (MDC), uGilbert Kagodora.
Amacala akhe asukela ngo-2010, ngesikhathi etshela abalandeli be-MDC ukuthi baqubule uMugabe nonkosikazi wakhe uGrace bese “bebathanqaza phansi”.
Laba abanye abathathu bebesolwa ngokubiza uMugabe ngesela.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter