Harare -Inhlangano yodokotela baseZimbabwe isihambise samaphepha enkantolo, ikhala ngokungaholelwa kodokotela isikhathi esiyizinyanga ezimbili.
Balinganiselwa ku-400 odokotela abasemazingeni aphansi abangaholelwe, ukungaholi kwabo kuza ngemuva kokuthi bangena esitelekeni.
Odokotela bathi ukungaholelwa kwabo kungafaniswa nobuthakathi, bathi kungenzeka bangasebenzi ngesikhathi sikaKhisimusi.
Funda nalolu daba:Isiphenduke ihlaya eyeziqu zikaGrace Mugabe
Amaphepha ahanjiswe enkantolo athi odokotela bazibanjelwa imali engu-R3100, eholweni labo elingu-R3300.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.