isiZulu

Bayishaye bayishiya umndondo intatheli eMali

2012-07-13 14:08
Bakamo - Umqondisi ephephandabeni elizimele eMali, uthathwe ngenkani ngamadoda akade ehlomile ngoLwesine ebusuku, wayiswa ndawana thize washaywa bamshiya engazazi negama lakhe.

Abezindaba ze-AFP bathe batshelwe ngozakwabo bakaSaouti Haidara ukuthi usehlaselwe ngamadoda angaziwa, afike aqhumisa isibhamu amthatha ngenkani.

"USaouti usatshiswe phambi kwethu, ubesakhuluma nabanye abasebenzi mayelana nephephandaba. Uhlaselwe ngamadoda abebukeka enolaka olwesabekayo," kusho omunye wabasebenzi ongathandanga ukudalulwa.

"Ngemuva kwamahora ambalwa uHaidara ube esededelwa, eshaywe walinyazwa kambi, ungeniswe esibhedlela."


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Sapa - AFP

Ezinye izindaba e- Afrika

«Emuva
Ad:Metropolitan Family Funeral Plan from R36 p.m.