Nairobi – IMelika izofaka umthetho ovimbela abantu baseSomalia ekutheni bahambele kwamanye amazwe, kusho isikhulu esiphezulu eMelika ngeSonto.
I-Somalia ibhekene nosuku luka-Agasti olungumqamulajuqu ukuba ifezekise izibopho ezibalulekile ekubuyiseleni isimo esihle kuleliya lizwe, ngemuva kweminyaka engaphezulu kwamashumi amabili kunezinxushunxushu selokhu kwaketulwa uMohamed Siad Barre.
UJohnnie Carson we-US Assistant Secretary of State for African affairs utshele isithangami sabezindaba enhlokodolobha yaseKenya ukuthi lo mthetho uzothinta amalungu eTransitional Federal Government kanye nabantu abangaphandle kwayo.
Ohambeni lwakhe, obekungolokuqala ukuba isikhulu esiphezulu saseMelika esiphezulu siluthathe cishe eminyakeni elinganiselwa kweyishumi, UCarson uhlangane noMengameli uSheikh Sharif Ahmed, undunankulu kanye nongqongqoshe wezokuvikela nowezangaphandle.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).