UJoseph Chege noSwaleh Aumi bangabamangalelwa bakamuva ukuthweswa icala ngokuhlasela kwaseLamu.
Abashushisi boMbuso abaholwa ngu-Okello, bafake isicelo enkantolo sokuba abasolwa bahlolwe ukuthi baphila kahle yini ekhanda ngaphambi kokuba baziphendulele enkantolo.Ummeli kammangalelwa, uYusuf Abubakar, usiphikisile isicelo soMbuso, wathi uMbuso wephule isigaba-49 soMthethosisekelo.
"Umsolwa kumele athweswe icala engakapheli amahora angu-24 eboshiwe kodwa uSwaleh utshweswe sekudlule isinzuku eziyisikhombisa,” kusho u-Abubakar.
U-Abubakar uthi uMbuso ubunesikhathi esanele sokuba ummangalelwa ehlolwe ingqondo.
Inkantolo ivumile ukuba abammangalelwa bayohlolwa ingqondo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.