Abuja - Ibandla laseNigeria iSynagogue Church of All Nations (SCOAN), lizonikela ngemali engu-R50 000, ukubhekana nezindleko zomngcwabo zomuntu ngamunye kwabashona kuwa ibhilidi lebandla eLagos.
Umkhulumeli webandla uKirsten Nematandani uthe: “Sihlanganise izibalo sasiza ngesingasiza ngakho imindeni njengoba kwabaningi abashona kuyibo ababebheke imindeni yabo."
Ngokusho kwabezindaba zeDrum, uNematandani uthi bahambele zonke izifundazwe zakuleli behlangana nemindeni ngenhloso yokuzama ukuyeseka nokuyeluleka.
Funda nalolu daba: Ngaboniswa ngengozi - TB Joshua
“Ibandla lisungule izikhungo imindeni engaya kuzo uma idinga ukwelulekwa,” kusho uNematandani, egcizelela ukuthi ibandla liyazwelana nemindeni futhi liyaqonda ukuthi angeke babuyiswa abahlakile.
UNematandani uthi bayanxusa kuhulumeni waseNigeria ukuthi asheshise uhlelo lokuhlonzwa nokubuyiswa kwezidumbu zabashona.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.