"Ukukhethwa kwakhe kutshengisa ngokusobala ukuthi i-Afrika iyakholelwa ebuholini bakhe yize iNtshonalanga izama ukumenza umuntu omubi. Iqiniso nje ukuthi i-Afrika iyazifela ngoMugabe,” kusho okhulumela iqembu uSimon Khaya Moyo.
OLUNYE UDABA: Bekusindwe ngobethole kowakwaMugabe
UMoyo wake waba yinxusa leZimbabwe eNingizimu Afrika.
UMugabe, nozohlanganisa iminyaka engu-91 ubudala kule nyanga, ukhethelwe kwesokuhola i-AU engqungqtheleni ebise-Addis Ababa ngoLwesihlanu.
Iqembu lakhe likubone lokhu njengokunqoba kulandela ukugxekwa okuhlezi kulandela lo mholi.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter