Uhulumeni kaMengameli Andry Rajoelina umemezele ngesonto eledlule ukuthi leliya lizwe lizoba nokhetho ngoMeyi 8, 2013.
Ngo-2009, uRajoelina wakhipha ngendluzula esikhundleni imbangi yakhe uMarc Ravalomanana, esizwa ngumbutho wezempi.Lokhu kuvukelwa kombuso, okwabonakala njengokulimaza intando yeningi, kwadala ukuthi i-EU namanye amazwe aseNtshonalanga amise usizo ayehlinzeka ngalo leliya lizwe.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter