Cape Town – Usomabhizinisi waseKenya kubikwa ukuthi uthe igciwane le-Ebola lingelikahulumeni waseMelika.
Ngokusho kweBusiness Daily, uJoseph Aura utshele iNkantolo eNkulu eNairobi ukuthi yiMelika eyasungula igciwane le-Ebola, umgomo yayo kanye nekhambi layo ngo-2012 ngakho kumele iphoqwe ukuba inqande leli gciwane.Lezi zinsolo zibekwe emaphepheni afakwe phambi kwenkantolo aseka isicelo sika-Aura sokuba inkantolo ichithe icala elifakwe yiConsumers Federation of Kenya sokuphoqa inkampani yezindiza, iKenya Airways, ukuba iyeke ukuhambela emazweni aseNtshonalanga Afrika ahlaselwe yi-Ebola, kusho umbiko.
U-Aura wenze lezi zinsolo kulandela ukuba izwe laseNigeria, nalo elikhungethwe yi-Ebola, inqabile ukusebenzisa ikhambi elisahlolwa elenziwe eMelika.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.