Khartoum - Bangaphezu kuka-650 000 abantu abasale dengwane njengoba bekuqhubeka impi phakathi kweSudan neSouth Sudan, kusho i-United Nations ethi ikholwa wukuthi ukusayinwa kwesivumelwano esisha kuzoza noguquko.
I-UN izwakalise ukukhathazeka ngabantu abashiyeke bengenamakhaya bebalekela udlame.
NgeSonto iSudan isayine isivumelwano ne-UN, African Union kanye ne-Arab League, esivumela uikuthi kuhanjiswe usizo kubantu abakhahlamezekile.
"Kuthathe izinyanga ezingu-14 ukuthi kube nalesi sivumelwano," kusho uMark
Cutts we-UN.
"Sibonga kakhulu kuhulumeni ngokusayina lesi sivumelwano, abantu sebezokwazi ukuthola usizo."
Izibalo zithi abantu abangu-520 000 basale dengwane eSouth Kordofan kwathi abangu-145 000 basala dengwane eBlue Nile, kusho uCutts.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).