Kusukela ngoMsombuluko, balinganiselwa ku-200 abantu ekubikwe ukuthi bahlaselwe yi-Ebola, emazweni ahlanganisa iGuinea, Liberia kanjalo neMali.
Bangu-121 abantu abashonile eGuinea naseLiberia, nekukholakala ukuthi bathathwe yiso lesi sifo.
I-Ebola ayigomeleki injalo ayelapheki, ibheduke ezinyangeni ezedlule kanti abasolwa ngokuba negciwane bagcinwa bodwa.
Izwe iGambia selikuvalile ukungena kwamabhanoyi aphuma emazweni ekubheduke kuwo i-Ebola, kusho intatheli yezindaba ze-AFP.
Abasebenzi esikhumulweni sezindiza iBanjul International Airport, bathi uMengameli wezwe uYahya Jammeh, ukumisile ukusebenza kwezindiza ezivela eGuinea, Liberia naseSierra Leone, enza lokhu ngenhloso yokunqanda ukubhebhetheka kwegciwane.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.