Lagos – Iziphathimandla zidalule ukuthi iqembu iBoko Haram libulale abantu abangu-41 okuhlanganisa nelungu lesiShayamthetho enyakatho yempumalanga yaseNigeria ngesikhathi kuvotwa kuleli lizwe.
Lesi sigameko senzeke enyakatho yempulanga yaseNigeria lapho umbutho wamasosha kuleli lizwe umemezele ukuthi usukhuculule konke okuhambisana neqembu iBoko Haram kule ndawo.
Amalungu omphakathi edolobheni laseMiringa athe iBoko Haram iphinde yashisa nemizi yabantu ngoMgqibelo ngosuku lokhetho lukazwelonke lokuqoka umengameli.