N'Djamena – Izihonga okusolwa ukuthi ngezeBoko Haram zibulale amasosha angu-11 asezweni elingumakhelwane waseNigeria, iChad, ngesikhathi ehlasela ebusuku emngceleni ohlukanisa lamazwe, kusho umthombo osondelene namasosha aseChad
Kuphinde kwabulawa abahlaseli abangu-17 kulokhu kuhlasela, kusho umthombo kwabeReuters.
Funda nalolu daba: Odobuhle baphoqwa ukuba bahambe ngamadilozi
Izwe laseChad lihamba phambili emizameni yokulwisana neBoko Harama eNigeria njengoba linamasosha angu-8 700 asempini nalezi zihonga.
Isibalo samasosha aseChad singaphezulu kwamasosha aseNiger nawaseCameroon.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.