Lagos - Amadelakufa amabili aziqhumise ngamabhomu emgwaqeni omkhulu enyakatho-mpumalanga neNigeria kwashona abantu abalinganiselwa kwabayishumi, kusho amaphoyisa esifunda, esehlakalweni okusokala ukuthi senziwe yiBoko Haram.
Idelakufa lesifazane libulale abantu abayisikhombisa lalimaza abangu-13 endaweni yaseMalari emgwaqeni osuka eBama uya eKonduga kanti idelakufa lesibili lona libulale abantu abathathu kuwona lo mgwaqo, kusho okhulumela amaphoyisa esifunda saseBorno u-Aderemi Opadokun.
Funda nalolu daba: Ushisa ama-ARVs uma exabene nonkosikazi
Isehlakalo senzeke ngoLwesine.
Khonamanjalo, u-Opadokun uphinde wakuqinisekisa ukuthi ukuthi yiBoko Haram ehlasele edolobheni laseKukawa budebuduze naseLake Chad esehlakalweni sangoLwsithathu ebusuku.
Uthe abahlaseli babulale inqwaba yabantu bashisa nemizi kulesi sihlakalo.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.