Kano – Izihonga zeBoko Haram zibulale inqwaba yabantu zacekela phansi namakhaya abo edolobheni lasenyakatho-mpumalanga yesifunda saseBorno eNigeria, kusho izakhamizi namasosha ngeSonto.
Inqwaba yezihonga ebezihamba ngamaloli kanye nangezithuthuthu zihlasele endaweni yaseGubio, ngoMgqibelo ebusuku.
Funda nalolu daba: Kumshubele obanjwe eqhoqhobele unkosikazi womuntu
"IBoko Haram ihlasele idolobha lethu yabulala inqwaba yabantu yaphinde yashisa nemizi eminingi kakhulu,” kusho uBabor Kachalla, oyisakhamuzi, osebalekele eMaiduguri, ekhuluma nabe-AFP.
Esinye isakhamuzi, u-Adam Kakami, uthe kuphele amahora ayisithupha izihonga zihlasela.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.