Abuja - INigeria isezinhlelweni zokuhlonza amantombazane nabesifazane abalelwa ku-300 abahlengwe lapho bebethunjwe khona yiBoko Haram, nokwenyusa ithemba ngezingane zesikole ezathunjwa ngonyaka odlule.
Umbutho wezempi ukhulume wathi akubukeki sengathi akhona amantombazane athunjwa esikoleni esiseChibok kulawa ahlengiwe.
Lezi zingane zathunjwa zisesikoleni ezazihlala kuso ngaphakathi ngomhlaka-14 Ephreli wonyaka odlule.
OLUNYE UDABA: Kukhululwe ingane eyodwa kulezo ezathunjwa eNigeria
Nokho okhulumela amasosha ezweni ucele ukuthi abantu behlise amaphaphu, wathi basabahlonza bonke abahlengwe ehlathini eliseSambisa.
Abazali baseChibok bazwakalise ukuthukuthela ngalesi simemezelo bathi bese bethembile ukuthi bazothola izingane zabo esezihambe ekhaya isikhathi esingaphezu konyaka.