Cape Town - Imibiko yakamuva ekhishwe yiphephandaba laseRussia ithi iZimbabwe ixoxisana neRussia ngokuthi inikele ngezindiza zempi kuze yona izonika leliya lizwe i-platinum.
Iphephandaba iKommersant libike lathi iRussia ibamba izingxoxo nohulumeni waseZimbabwe ukuzama ukuqinisa uhwebo kanjalo nezokuphepha.
"Abaphathi baseRussia baqala ukuhambela eZimbabwe ngenyanga ka-Ephreli, bazohambisa izindiza zempi ukuze iZimbabwe izokhipha i-platinum," kusho umthombo ongaphakathi kuhulumeni waseRussia.
Inkampani ekusetshenziswana nayo yaseZimbabwe kuthiwa yenza kakhe kakhulu kwezokumbiwa phansi okuhlanganisa igolide, umthofi, palladium, nickel, nokunye okuningi.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
News24