Harare - IZimbabwe neZambia ngamazwe afana nezithupha ziya egwayini kanti nezakhamuzi zawo zisebenzisana ngokubambisana, kusho uMengameli waseZambia u-Edgar Lungu.
Ubekhuluma ngesikhathi evula ngokusemthethweni iZimbabwe International Trade Fair (ZITF)kwaBulawayo.
“IZimbabwe inendawo yayo enhliziyweni yami kanti futhi yaba yizwe lokuqala engalihambela ngemuva kokuthatha amandla ngoJanuwari.”
OLUNYE UDABA:
ULungu wagcina ukuhambela eZimbabwe ngoFebhuwari ngemuva kokunqoba ukhetho kulandela ukudlula emhlabeni kukaMengameli Michael Sata ngonyaka odlule.
Ngaphambilini kuleli sonto uLungu wakhuluma wathi “ufunda lukhulu” kuMengameli Robert Mugabe.