Harare - Lowo okhulumela iqembu elibusayo eZimbabwe, iZanu-PF, uRugare Gumbo uthe abayazi ukuthi iqhamukaphi indaba yokuthi abantu bakuleliya lizwe badla imbuya ngothi.
“Leyo mibiko ingamampunge nje. Yiningi kabi imali kuleli. Yebo, asiphiki ukuthi sike sithi ukumpintsheka kancane, kepha lokho akusho ukuthi seswele," esho.
"Inkinga enkulu ukuthi asikwazi ukukhokhela izikwletu zethu ngesikhathi."
Uthi kungamanga ukuthi abantu babhuqwa yindlala eZimbabwe, kubika i-myzimbabwe.
"Yiningi kabi imali ezweni. Sikhomba ngophakathi. Bheka izimoto esihamba ngazo nemizi esinayo - imali ikhona ukuthi nje abantu abawasebenzisi amabhange."
UGumbo uthi imbangela yokuntenga komnotho ukuthi abantu bayisebenzisa ngezindlela ezingawufukuli umnotho imali.
Uthi uhambisana noMengameli Robert Mugabe uma ethi uyaqala uyasimama umnotho wezwe.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter