Cairo - Cishe mabili amaphoyisa ashonile ngesikhathi kuqhuma ibhomu ngaphandle kwekomkhulu loMnyango wezangaPhandle eCairo.
Ukuqhuma kwebhomu kuhlakaze isihlahla sayoshaya imoto, endaweni ebuqamama, okuyilapho kushonele khona isisulu sesibili, kusho intatheli ye-AFP.
Amaphoyisa amabili ashonile kwalimala inqwaba yamaphoyisa kulokhu
kuqhuma kwebhomu, kusho uNgqongqoshe wezangaPhakathi eGibhithe esitatimendeni.
Funda nalolu daba: Kushone 6 kuwa ibhilidi eGibhithe.
Amaphoyisa phambilini abethe kushone amaphoyisa amane kulesi sehlakalo.
Amaphekula asebulale inqwaba yamaphoyisa ngamabhomu eGibhithe
kusukela amasosha aketula umengameli uMohamed Morsi ngoJulayi 2013.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.