NgoMsombuluko kubikwe ngezehlakalo ezintsha ze-Ebola, kanti enhlokodolobha iFreetown, kubikwe ngezehlakalo ezingu-49, kusho umbiko weNational Ebola Response Center.
Funda ngalolu daba: IWHO imemezele ukuthi ayisekho i-Ebola eNigeria
Kamuva bangu-851 abantu ekubikwe ukuthi bangenwe yigciwane, izehlakalo zibikwe entshonalanga nezwe.
Akukho zehlakalo ezintsha ezibikwe empumalanga nezwe.
Ngokusho kwezibalo zeWorld Health Organisation, bangaphezu kuka-4000 abantu asebebulawe yilolu bhubhane kusukela lubhedukile ekuqaleni konyaka.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.