Lokhu kususwe yizinsolo ezithi umhlengikazi onegciwane lesandulela ngculaza, wajova ngegazi lakhe isiguli esineminyaka emibili ubudala.
Umhlengikazi onguRosemary Namubiru, 64, ubhekene necala lokuzama ukubulala, unqatshelwe ibheyili ekuveleni kwakhe enkantolo.
Umbiko uthi umhlengikazi wayezama ukujova ingane ngesikhathi ezihlaba ngenaliti, esezibhandishile, waqhubeka wasebenzisa lowo mjovo enganeni.
Umama wengane wabona lokhu kwenzeka wavula icala, uma uNamubiru etholakala necala, angahlala ejele iminyaka eyisikhombisa.
Abameli bomndeni wengane bathi inikwa imishanguzo yokuzama ukugwema igciwane ekungeneni egazini layo.
Balinganiselwa ku-1.5 million abantu base-Uganda abaphila nengciwane lengculaza.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).