Nairobi – Inkakha kwezomculo uSalif Keita usephakamise ukuthi bavikelwe abantu abangama-albino, njengoba iTanzania iqala umkhankaso wokhetho.
Lokhu kuza ngemuva kokunyuka kwezigameko zokubulawa kwabantu abayiziphiwo, izicubu zabo zisetshenziselwe ukuthaka imithi.
"Akwamukelekile ukuthi abantu benze abanye umhlatshelo, lokho kutshengisa ukungazi lutho,” kusho lo mculi waseMali, naye oyi-albino, ekhuluma ne-AFP.
OLUNYE UDABA: Izinkumbi zizobhikisha enkantolo kwelokubulala i-albino
"Ama-albino ayazalwa akhule njengawo wonke umuntu. Ukuwahlasela akwamukelekile.”
Abalelwa ku-76 ama-albino asebulewe eTanzania kusukela ngo-2000.
Kuthiwa ngemuva kokubulawa abe esecwiywa izicubu zomzimba.