Bulawayo - Owesilisa waseMutare uBrian Mutongovera uvele enkantolo ngesonto eledlule eyocela incwadi emvikela kumkakhe onodlame.
UMutongovera watshela u-Anna Ndiraya ukuthi usekhathele ukushaywa nokudelelwa ngumkakhe uBrenda Mandigora.
Yize kunjalo uMandigora ukuphikisile okushiwo ngomyeni wakhe.
OLUNYE UDABA: Owashona ngo-2013 uyavuka azolala nonkosikazi
UMandigora uthe: "Nkosi yenkantolo umyeni wami unamnga akukho akushoyo, kungenzeka kanjani ukuthi indoda ingashaywa kanjani ngunkosikazi wakhe iminyaka emibili ithule?
"Kufanele engabe kudala alubika lolu daba emaphoyesine noma abikele abazali bami.
IMantshi uChigodora ibe isivuna uMutongovera kulolu daba, kubika iBulawayo24.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter