Share

Intsha idayisa ngegazi ngenxa yokungasebenzi

Accra – Ukwenyuka kwesibalo sabantu abasha abangasebenzi eGhana sekuphoqe iningi labo lizakhele imali ngokudayisa ngegazi labo ezibhedlela ezahlukene kuleli lizwe.

Ngokombiko iningi labantu abasha ligcwala izibhedlela ngenhloso yokuthi benze imali bedayisa amagazi abo kanti kuvela ukuthi sebeze babizwa ngamaCommercial Blood Donors.

Kubikwa ukuthi iningi lalabo abadayisa ngamgazi abo basemnyakeni ekuma-20 ubudala kanti iningi labo lihambela kakhulu izibhedlela ezinze kwinhlokodolobha i-Accra.

OLUNYE UDABA: Liyashoda igazi - SANBS

Umbiko uveza ukuthi kudlangile ukushoda kwegazi ezibhedlela zaseGhana kanti iningi labantu bakuleli lizwe abakweseki ukunikela ngegazi ngenxa yosiko nezinkolo abazilandelayo.

Kubikwa ngenxa yokushoda kwegazi nokugqoza kwalabo abanikela ngalo sekuphoqe izibhedlela ukuba zilithenge igazi ukuhlenga impilo yalabo abasuke belidinga ngaleso sikhathi.

Okhulumela iNational Blood Service eGhana uStephen Addai uthe isenzo sokudayiswa kwegazi yinto entsha kubona.

“Akuyona into esiyikhuthazayo ukuthi abantu badayise ngegazi labo kodwa kumele baqale bahlolele izifo futhi bazi nokuthi igazi labo liyinhloboni,” kusho uAddai.

Uqhube wathi uma bephume umkhankaso wokunxenxa abantu ukuba banikele ngegazi labo abantu bayagqoza babike izinto eziningi ezithinta usiko nenkolo.

“Kodwa uma sebelidayisa baningi abagcwala izibhedlela okuyinto esikhathazayo,” kuqhuba yena.  


    -
“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

    - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
42% - 397 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
58% - 559 votes
Vote
Rand - Dollar
18.94
-0.2%
Rand - Pound
23.91
-0.1%
Rand - Euro
20.43
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.34
+0.1%
Rand - Yen
0.13
-0.2%
Platinum
910.50
+1.5%
Palladium
1,011.50
+1.0%
Gold
2,221.35
+1.2%
Silver
24.87
+0.9%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
68,346
+1.0%
All Share
74,536
+0.8%
Resource 10
57,251
+2.8%
Industrial 25
103,936
+0.6%
Financial 15
16,502
-0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE