"Sithola imibiko evela kumalungu ethu ezikoleni ethi zinyukile izigameko zokungahloniphi kwabafundi,” kusho uRaymond Majongwe, onguNobhala Jikelele weProgressive Teachers' Union of Zimbabwe (PTUZ), encwadini ayibhalele umengameli.
OLUNYE UDABA: Induku iyamakha umuntu
"Sikhathazekile ngomthetho othi izingane zingashaywa ezikoleni, ngoba abafundi bazophenduka umhlambi kazalusile,” esho.
UMthethosisekelo waseZimbabwe, owaqala ukusebenza ngo-2013, ukwenza kube yicala ukushaywa kwezingane.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho