Geneva – Sebengaphezu kuka-26 000 abantu abangenwe yi-Ebola kusukela iphinde yabheduka kanti lo bhedukane usubulale abantu abangaphezu kuka-10 800, kusho iWorld Health Organisation.
Le nhlangano yezempilo engaphansi kwe-UN ixwayise ngokuthi ukwehla kwezigameko zalo bhubhane akumele kudale abantu ukuthi bazishaye indiva izwexwayiso zokuwuvikela.
Izibalo zithi bangu-26 079 abantu abangenwa yilo bhedukane kwathi abangu-10 823 bashona kulezi zinyanga ezingu-16 ezedlule.
OLUNYE UDABA: Isexwayiso njengoba sekuvele okusha nge-Ebola
Iningi labo bashone eGuinea, Liberia neSierra Leone.
I-Ebola yavusa elikhulu itwetwe ezwenikazi i-Afrika kanjalo nasemazweni aphesheya kwezilwandle, nokwaholela ekutheni ohulumeni bamazwe bathumele izisebenzi zezempilo ukuba ziyolekelela.