Cape Town – Kuthiwa umndeni womholi waseLibya ongasekho uMuammar Gaddafi
usubuyele kuleli lizwee ngemuva kweminyaka usekubhaceni.
Lo mndeni wagcina ukubonakala emphakathini
ngo-2011 ngemuva kokubulawa kukaGaddafi owayesebuse iLibya iminyaka engu-42
enguMengameli.
Kubikwa ukuthi umzala
kaGaddafi u-Ahmed Gaddafi al-Dam kulindeleke ukuba abe sezingxoxweni
zokubuyisana eLibya.
OLUNYE UDABA: UGaddafi kumele ashenxe: Zuma noCameron
U-Ahmed uyaziwa kakhulu kwezepolitiki njengoba
ayesondelene noGaddafi kanti kubikwa ukuthi unobudlelwano obuhle namanye amazwe
ase-Europe.
“Ngiyakwamukela ukuba
yingxenye yezingxoxo ze-United Nations eziqhubekayo ngaphandle kweLibya,” kusho
u-Ahmed etshela iReuters eCairo eGibhithe lapho ebebhace khona nomndeni
wakhe.
Akukaziwa ukuthi izingxoxo
zizothatha isikhathi esingakanani njengoba izimpi zisaqhubeka eLibya.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho