Bulawayo – Owesilisa waseWaterford kwaBulawayo uhlasele isinqandamathe sakhe ngesikhathi eqiwe yizinkamba zikaFaro maqede wadlulela kuyise waso wasithela ngesibhaxu.
UPercy Chigora oneminyaka engu-28 ubudala waxaba nentombi yakhe uSehlule Ncube oneminyaka engu-35 ubudala maqede wamphuca isikhwama sakhe.
Kuthe uyise kaSehlule engenelela wamthela ngesibhaxu.
UChigora uvele eNkantolo yeMantshi yakwaBulawayo ngalesi sigameko icala lakhe labe selihlehliswa ngosuku olusazomenyezelwa.
OLUNYE UDABA:Owesilisa uxosha umkakhe ngoba ene-HIV
Ngokubika kweBulawayo 24 ingxabano yaqala ngesikhathi uChigora ehlangana nesithandwa sakhe enxanxatheleni yezitolo wabe esefuna ukugoduka nawo.
“USehlule wanqaba ukugoduka noChigora owayesemphoqa ngenkani. Ngokubona ukuthi isifiso sakhe asifezeke uChigora waphuca uSehlule isikhwama sakhe wahamba naso.
USehlule waphuthuma wayobikela uyise uSamuel Ncube.
UNcube wanikela ukuyozama ukusiza indodakazi yakhe wafike wathola isibhaxu kuChigora,” kuchaza uMshushisi uDumisani Ndlovu.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter