Kampala – Iyalulama ingane enezinyanga ezingu-18 ubudala okusanda kusabalala
i-video yayo ihlukunyezwa ngumzanyana ngokusho kukanina wayo.
Ngokubika kwe-Timeslive le ngane yentombazane u-Arnela Kamanzi
wayesekuba ngesikhathi umzanyana wakhe uJolly Tumuhirwe emhlukumeza ngokuthela
ngesibhaxu ngemuva kokuphalaza.
Kwivideo ehlukumeze abaningi abanezingane
abayibonile uJolly uvela eshaya le ngane aze ayikhahlele ayigxobe ngemuva.
OLUNYE UDABA: Ubekwe icala oshaya ingane aze eyigibele ngezinyawo
Ngokubika kwe-NBS Television uniwa ka-Arnela u-Angela Mbabazi uthe indodakazi
yakhe iluma kahle ekhaya ngemuva kokuya kwadokotela.
“Ngomusa kaNkulunkulu
ululama kahle kakhulu umntwana wami kanti amaphoyisa awaguqulile amacala
abebekwa wona uJolly njengoba manje esebhekene necala lokuzama ukubulala,”
kuchaza u-Angela.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho