Abuja - Isalokhu iyinkinga eyokungazweli kwemishanguzo yesifo sofuba, njengoba izibalo zithi kunabantu abangu- 480 000, ababa kule nkinga unyaka nonyaka.
Ngonyaka ka-2013, bangu-1.5 million, abantu abathathwa ysifo sofuba, kusho izibalo zenhlangano iWorld Health Organisation (WHO).
Eminyakeni edlule kuvele ukuthi abantu abaningi amaphilisi angasebenzi kubo, basuke benikwe isikali esingafanele noma amaphilisi angeke ahambisa nabo.
Funda nalolu daba: Imizamo yokunqaba iTB emajele
Ngo-2013, bangu-9 million abantu abathola isifo sofuba, kwathi u-3.5% kubo wangenwa igciwane elinenkani elingalapheki. i-MDR TB.
Kuphinde kube neTB enenkani kakhulu i-XDR TB, ekudingeka izimali ezishisiwe kuze izokwelapha, leli ghciwane selibikwe emazweni angu-100
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.