Mogadishu – Oshayasibhamu be-Al Shabaab bahlasele babulala umshana kaMengameli waseSomalia uHassan Sheikh Mohamoud enhlokodolobha iMogadishu ngoLwesithathu, kusho amaphoyisa kanye nazihonga.
Amaphekula ahlobene ne-Al Qaeda ahlasele adubula imoto ebithwele uLiban Osman, kanye nommeli ongu-Abdikadir Mohamed, edolobheni, kusho uMajor Mohamed Nur kwabeReuters.
Funda nalolu daba: 'Ngeke iphile isikhathi eside ezalwe ineso elilodwa'
U-Osman ubesanda kubuya phesheya kwezilwandle kanti bekulindeleke ukuba aqale umsebenzi wokuba ngumqondisi esibhedlela saseMogadishu, kusho uNur.
Okhulumela i-Al Shabaab uSheikh Abdiasis Abu Musab, uthe bebevele befuna yena u-Osman ngoba uyisikhulu esibalulekile ehhovisini likamengameli.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).